IsiLilo 5:19 - IsiZulu 2020 Wena Simakade, umi ingunaphakade, isihlalo sakho sobukhosi siyoba khona izizukulwane ngezizukulwane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wena Jehova umi phakade; isihlalo sakho sobukhosi sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane. Contemporary Zulu Bible 2024 Wena Jehova, uphila kuze kube phakade; isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane. |
Wena Simakade uyohlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho, izizukulwane ngezizukulwane.
Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!
USimakade uhleli phezu kwezikhukhula, uSimakade uyiNkosi, ubusa kuze kube phakade.
Nkulunkulu, isihlalo sakho sobukhosi simi kuze kube phakade. Intonga yokulunga iyintonga yombuso wakho.
Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.
Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasemandulo. Wena ukhona kuze kube phakade.
“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.
Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’
Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.
UJesu waphenduka, wababona bemlandela, wathi kubo: “Nifunani na?” Bathi: “Rabi,” okusho ukuthi Mfundisi: “Uhlala kuphi na?”
UNkulunkulu wasemandulo uyisiphephelo nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho wathi: ‘Bhubhisa.’
Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
UJohane, kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: makube kinina umusa nokuthula okuvela kuye okhona, nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,
“Mina ngiyiSiqalo neSiphetho,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona, owayekhona, nozayo, uSomandla.”