IsiLilo 5:16 - IsiZulu 2020 Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye, kithi, ngokuba sonile! IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile! Contemporary Zulu Bible 2024 Umqhele uwile emakhanda ethu; maye kithina ukuthi sonile! |
Ngokuba ingcebo ayiyukuhlala kuze kube phakade; nomqhele uyakuhlala yini izizukulwane ngezizukulwane na?
IJerusalema likhubekile, noJuda uwile, ngokuba abakushoyo nabakwenzayo kuphambene noSimakade, kwedelela ubukhona benkazimulo yakhe.
Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.”
Akunguwe yini oziholele amanzi ngomsele, ngokushiya uSimakade uNkulunkulu wakho ngesikhathi ekuhola endleleni na?
Ububi bakho buyakukujezisa, nokuhlubuka kwakho kuyakukusola; yazi-ke, ubone ukuthi ukuhlubuka uSimakade uNkulunkulu wakho kuyinto embi nebaba kanjani; akusekho ukungesaba kuwe,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.
“Ukuziphatha kwakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; lokhu kungenxa yokukhohlakala kwakho, ngokuba umunyu ufinyelele enhliziyweni yakho.”
Maye! Waze wasala dengwane umuzi obugcwele abantu! Sewuphenduke umfelokazi phakathi kwezizwe. Owesifazane obehloniphekile phakathi kwezifunda, usephenduke isigqila.
“USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni.
“Bheka, Simakade, ngokuba ngilusizi, kuphethuka izibilini. Inhliziyo yami iyayaluza ngaphakathi, ngokuba ngihlubuke kakhulu. Ngaphandle inkemba idla lubi; endlini ngukufa kodwa.
IJerusalema lone kakhulu, ngakho-ke seliyisinengiso; bonke abebelihlonipha sebeyaledelela, ngokuba bebone ubunqunu balo; nalo seliyabubula, liphenduka libafulathela.
Maye! INkosi yembese indodakazi iZiyoni ngamafu entukuthelo yayo! Ibulahle phansi ubukhazikhazi buka-Israyeli, yabubeka emhlabeni, busuka ezulwini. Ngosuku lwentukuthelo yayo, ayilikhumbulanga ithempeli eliyisenabelo sezinyawo zayo.
Lokho kwenzeka ngenxa yezono zabaphrofethi, nobubi babaphristi bakhona, ababechitha igazi labalungile kulo.
isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Khumula umshuqulu, wethule umqhele wakho, akusezukufana nakuqala. Phakamisa okuthobekileyo, uthobise okuphakemeyo.
Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.
Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.
“ ‘Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabi bikho muntu okwephuca umqhele wakho.
Ngakho-ke abakwa-Israyeli babuthana eMizpha. Bakha amanzi, bawathulula phambi kukaSimakade, bazila, bathi: “Sonile kuSimakade.” USamuweli wabehlulela abantu bakwa-Israyeli eMizpha.