Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMikha 6:13 - IsiZulu 2020

13 Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya, ngikuchithe ngenxa yezono zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngalokho nami ngiyakunenza nigule ngokunishaya, nginivunulise ngenxa yezono zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMikha 6:13
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


Uma ngiphumela endle, ngibona ababulewe ngenkemba; nalapho ngingena emzini, kunezifo, nendlala, ngokuba umphrofethi nomphristi bahambele ezweni abangazi lutho ngalo.’ ”


“Uthumele umlilo wakhe ekweliphezulu, wangena emathanjeni ami, wawehlula; unekele izinyawo zami inethi, wangiqumba phansi; ngalala amankeyane. Ungishiye ngiyincithakalo, ngiphelelwe ngamandla usuku lonke.


Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu.


Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye, kithi, ngokuba sonile!


ISamariya liyakuba necala, ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo; bayakufa ngenkemba, izingane zabo ziphahlazwe, abakhulelweyo baqaqwe.”


U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngikumemezele lokho okuqinisekileyo phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.


Ngokuba izilonda zalo azelapheki, lokhu sekuze kwafika nakwaJuda, kwafinyelela nasesangweni labantu bami, eJerusalema.


Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Umhlaba uyakuba yincithakalo ngenxa yezakhamuzi zalo nangenxa yezenzo zabo.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka