Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiLilo 4:5 - IsiZulu 2020

Labo abebekade bedla okumnandi, sebeyimizulane emigwaqweni. Labo ababekhuliswe ngokububende, manje sebelala ezaleni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Abakade bedla okumnandi sebechithakele ezitaladini. Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Abadlile kahle bangamaganga ezitaladini;

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiLilo 4:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule owanigqokisa ngokubomvu, wahlobisa izembatho zenu ngemihlobiso yegolide.


Kepha uRabi Shake wathi kubo: “Ngabe inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakini ukuzokhuluma lawa mazwi, hhayi nakwabanye abantu abahlezi ogangeni ukuba badle indle yabo, baphuze umchamo wabo kanye nani na?”


Banethwe yimvula ezintabeni, babambelela edwaleni ngoba bengenayo indawo yokuphephela.


Akanaluvalo ngabendlu yakhe ngesikhathi seqhwa, ngokuba umndeni wakhe uwugqokisa ezibubende.


Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.


Yafisa ukuthiba iphango ngemidumba edliwa yizingulube, kepha kayiphiwanga muntu.


“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibukhwebezane nezelineni elihle, ezithokozisa imihla ngemihla, etamasa.


Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezintofontofo na? Phela abembethe okukhazimulayo, futhi betamasa, basezigodlweni zamakhosi.


Kepha lowo ozinikela ekutamaseni, ufile esaphila.