IsiLilo 4:21 - IsiZulu 2020 Jabula, uthokoze wena ndodakazi, yakwa-Edomi, wena ohlala e-Uzi, kodwa le ndebe izokwedlulela nakuwe, uzodakwa, uzihlubule, ube nqunu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu. Contemporary Zulu Bible 2024 Jabula, ujabule, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lakithi; nendebe iyakudlula kuwe; uzodakwa futhi ube nqunu. |
USimakade wayemthobisile uJuda ngenxa ka-Ahazi, inkosi yakwa-Israyeli, ngoba engamnakanga uJuda futhi akethembeka kuSimakade.
Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.
Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”
Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.
Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Uma labo okungafanele baphuze endebeni, bephuzile kuyo, pho kungani wena ungenakujeziswa na? Ngeke uyekwe ungajeziswa, impela nawe uyophuza kuyo.
Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?
Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: njengoba ushaye ihlombe, wagidagida ngezinyawo, wathokoza ngabo bonke ububi obusenhliziyweni yakho, umelene nezwe lakwa-Israyeli,
“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngenxa yokuba uMowabi neSeyiri bathe: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke ezinye izizwe,”
“Ndodana yomuntu, njengoba iThire likhulumile mayelana neJerusalema, lathi: ‘Ashila; liphukile isango lezizwe; seliphendukele kimi; ngiyakuphumelela njengoba lona seliyincithakalo,’
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.
Umbono ka-Obhadiya. Isho kanje iNkosi uSimakade ngo-Edomi, ithi: Sizwile umbiko ovela kuSimakade ngesithunywa esithunywe kwabezizwe ukuthi: “Vivani, masimhlasele.”
Dlulani nqunu ninehlazo nina enihlala eShafiri. Nina enakhe eZanani ngeke niphume, isililo eBhethi Ezeli siyakunithathela lokho enithembele kukho.
Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka, uphuze nawe, ubalwe njengongasokile, indebe yesandla sokunene sikaSimakade iyakuza kuwe, ihlazo libe phezu kodumo lwakho.
Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.