Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 16:15 - IsiZulu 2020

15 Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bheka, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Bheka, ngiza njengesela; Ubusisiwe olindayo, ogcina izingubo zakhe, funa ahambe nqunu, babone ihlazo lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bheka, ngiza njengesela; Ubusisiwe olindayo, ogcina izingubo zakhe, funa ahambe nqunu, babone ihlazo lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 16:15
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UMose wabona ukuthi abantu sebeyimidlwembe, ngokuba u-Aroni wayebayekile baphuma esandleni, baze bahlekwa yizitha zabo.


Ubunqunu bakho mabuvele obala libonakale ihlazo lakho, ngiyoziphindiselela, angiyukushiya noyedwa.


ngakho-ke bheka, ngiyakuziqoqa zonke izithandwa zakho ozithokozise ngazo, zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo; ngiyakuziqoqela kuwe zivela kuzo zonke izindawo, ngizembulele ubunqunu bakho ukuba zibubone bonke.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo, ngimenze afane nehlane, abe njengezwe eligagadekile, bese ngimbulala fi ngokoma.


“Maye, kophuzisa umakhelwane wakhe, athulule ulaka lwakhe, amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe!


“Ngakho-ke hlalani nilindile, ngokuba anilwazi usuku nehora.”


Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kodwa umzimba ubuthakathaka.”


Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya uyavuma, kodwa inyama ibuthakathaka.”


Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”


Ngakho qaphelani, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu, ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngamunye ngezinyembezi.


ukuze sithi sesiyikhumulile, singafunyanwa sihamba ze.


Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice ningazelele, njengesela,


Ngakho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, sizithibe.


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.


Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela lapho amazulu eyakushabalala ngokushesha okukhulu; kuyakusha konke emlilweni, kubhujiswe; nomhlaba nayo yonke imisebenzi yawo, kungabe kusaba bikho.


“Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiphrofetho sale ncwadi.”


“ ‘Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabi bikho muntu okwephuca umqhele wakho.


Ngiyakweluleka ukuba uthenge igolide elihlanzwe ngomlilo kimi ukuze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuba wembathe, lingabonakali ihlazo lobuze bakho, futhi uthole nomuthi wokugcoba amehlo akho ukuze ubone.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka