Bheka, ngizokwehlisela ukwesaba phezu kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla, “kuvela kubo bonke abakuzungezileyo; niyakuxoshwa; kube yilowo nalowo abambe eyakhe indlela, kungabi bikho oqoqa ababalekileyo.
IsiLilo 4:15 - IsiZulu 2020 Abantu babebahebeza, bethi: “Sukani lapha, ningcolile! Sukani, sukani, ningasithinti!” Ngakho-ke baphenduka abafokazi nemizulane; abantu phakathi kwezizwe bathi: “Anisoze nagogobala lapha!” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Chezukani, ningcolile!” bamemeza kubo: “Chezukani, chezukani, ningathinti!” Lapho bebaleka bezulazula, bathi phakathi kwabezizwe: “Abasayikugogobala lapha.” Contemporary Zulu Bible 2024 Basebememeza bathi: Hambani! ingcolile; sukani, sukani, ningathinti; lapho bebaleka bezulazula, bathi phakathi kwabezizwe: Kabayikugogobala khona; |
Bheka, ngizokwehlisela ukwesaba phezu kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla, “kuvela kubo bonke abakuzungezileyo; niyakuxoshwa; kube yilowo nalowo abambe eyakhe indlela, kungabi bikho oqoqa ababalekileyo.
UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.