Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiLilo 2:12 - IsiZulu 2020

Zikhalela onina, zifuna isinkwa newayini, lapho ziquleka njengabalimele kakhulu, emigwaqweni yomuzi; imiphefumulo yazo iphumela ezifubeni zonina.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bathi konina: “Aphi amabele newayini?” lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi, imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Bathi konina: “Uphi ukolweni newayini na?” lapho bedangala njengabalimele ezitaladini zomuzi, lapho umphefumulo wabo uthululelwa ezifubeni zonina.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiLilo 2:12
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Manje umphefumulo wami uyalila ngaphakathi kwami, izinsuku zosizi zingibambile.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.


Amadodana akho adangele, alala emakhoneni emigwaqo yonke njengenyamazane esihibeni, agcwele ulaka lukaSimakade nesixwayiso sikaNkulunkulu wakho.


Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, sidle amadodana namadodakazi akho, sidle izimvu zakho nezinkomo zakho, sidle imivini yakho nemikhiwane yakho, sibhubhise ngenkemba imizi yakini ebiyelweyo enethembele kuyo.


Bonke abantu bakhona bayabubula, befuna isinkwa. Bakhipha okuthandekayo kwabo ngokuba befuna ukudla ukuze basimamise umphefumulo. Bheka, Simakade, ubone, ngokuba sengiphenduke into eyedelelwayo.


Ulimi lomntwana oncelayo lunamathela olwangeni ngenxa yokoma. Izingane zicela isinkwa, kodwa akekho ozihlephulelayo.


Ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo, kepha ngiyakuzephula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwayo njengokububula komuntu olinyaziweyo.