Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsiLilo 2:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bathi konina: “Aphi amabele newayini?” lapho bedangala njengababulawayo ezigcawini zomuzi, imiphefumulo yabo ithululelwe ezifubeni zawonina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

12 Zikhalela onina, zifuna isinkwa newayini, lapho ziquleka njengabalimele kakhulu, emigwaqweni yomuzi; imiphefumulo yazo iphumela ezifubeni zonina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bathi konina: “Uphi ukolweni newayini na?” lapho bedangala njengabalimele ezitaladini zomuzi, lapho umphefumulo wabo uthululelwa ezifubeni zonina.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsiLilo 2:12
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami; izinsuku zosizi zingibambile.


Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.


Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*


Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehova nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.


Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu, yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.


Bonke abantu balo bayabubula, befuna isinkwa sabo; banika okumnandi kwabo ngokudla ukuba babuyise umphefumulo. Bheka, Jehova, ubhekisise, ngokuba ngiyadelelwa.


Ulimi loncelayo lunamathela olwangeni lwakhe ngokoma. Izingane zicela isinkwa, kepha akakho ozihlephulelayo.


Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka