IsiLilo 1:16 - IsiZulu 2020 “Ngenxa yalokho ngiyakhala, ngikhihla isililo, ngokuba akukho mduduzi eduze nami obezohlumelela umoya wami. Abantwana bami bayincithakalo, ngoba isitha singehlulile.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenxa yalezi zinto ngiyakhala; iso lami, iso lami liyaconsa amanzi, ngokuba umduduzi oyakukhanyisela umphefumulo wami ukude nami; abantwana bami bayaphithizela, ngokuba isitha sinqobile. |
Ukwethukwa kuyephulile inhliziyo yami, ngagula kakhulu, ngafisa ukuzwelwa, kodwa angitholanga baduduzi.
Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.
“Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe, ongaduduzwanga, bheka, ngizokufaka amatshe esiliva, izisekelo zakho zibe ngamasafire.
Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe.
“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.
“Ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakuba nozwelo kuwe na? Ngubani oyakuphambuka ukubuza impilo na?
Sengathi ikhanda lami lingamanzi, namehlo ami ngumthombo wezinyembezi, ukuba ngikhalele ababuleweyo babantu bami imini nobusuku.
Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.
Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezinqabeni zethu, kubulala izingane emigwaqweni, nezinsizwa ezigcawini.
Ebusuku ukhala kalusizi, kugeleza izinyembezi ezihlathini; akasekho omduduzayo, phakathi kwezithandwa zakhe. Bonke abangani bakhe abebemkhohlisa, sebephenduke izitha zakhe.
Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.
Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.
Izinhliziyo zabo mazikhale eNkosini; wena ludonga lwendodakazi iZiyoni, izinyembezi mazigelezise okwemifula, mawungaphumuli imini nobusuku, inhlamvu yeso lakho ingakutholi ukuphumula.
Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!