Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 9:21 - IsiZulu 2020

21 Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezinqabeni zethu, kubulala izingane emigwaqweni, nezinsizwa ezigcawini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngoba ukufa kukhuphuke emafasiteleni ethu futhi kwangena ezindlini zethu zobukhosi ukuze kunqume abantwana ngaphandle nezinsizwa ezitaladini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 9:21
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa,


Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabephuca izingane, ngabhubhisa abantu bami, kodwa abaphendukanga ezindleleni zabo.


Ngakho-ke nikela abantwana babo endlaleni, ubanikele emandleni enkemba; abafazi babo bangabi nabantwana, babe ngabafelokazi, amadodana abo abulawe wubhubhane, nezinsizwa zabo zibhuqwe ngenkemba empini.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nikwenzelani lokhu okubi kangaka kinina uqobo, niqede kini abesilisa, abesifazane, izingane nabasancelayo kubaJuda, nize ningazishiyeli nansali na?


Ngalokho izinsizwa zalo ziyakuwa emigwaqweni yalo, nawo wonke amabutho alo ayakubhujiswa ngalolo lusuku,” kusho uSimakade.


Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.


Ngakho usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bayakukhubeka kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe nomngani wakhe.”


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Batheleka emzini, bagijime ogangeni; bakhuphukele ezindlini, bangulukudele ngamafasitela njengesela.


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayukuvuka; ilahliwe ezweni layo, akekho oyakuyivusa.”


Kuyakuthi uma kusele amadoda alishumi endlini eyodwa, afe.


“Ngiyakwenza kube nengcindezi kubantu, bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuSimakade. Igazi labo liyakuthululwa njengothuli, nezibilini zabo njengobulongwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka