Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.
IsAmbulo 3:17 - IsiZulu 2020 Ngokuba uthi: “Ngicebile, nginomnotho omningi, angiswele lutho,” kanti kawazi ukuthi nguwe kanye olusizi, odabukisayo, ompofu, ophuphuthekayo nohamba ze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba uthi: ‘Ngicebile, kangiswele lutho,’ kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze; |
Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.
USimakade wayesebashaya abantu ngobhubhane, ngokuba benza ithole, lelo elalenziwe ngu-Aroni.
Kukhona ozishaya inkinsela kodwa engenalutho, nozishaya ompofu ebe ecebe kakhulu.
funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.
Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami, nesithulu njengesithunywa sami engiyosithuma na? Ngubani oyimpumputhe njengozinikele kimi, noyimpumputhe njengenceku kaSimakade na?
“Wena sizukulwane, lalela izwi likaSimakade. “Ngike ngaba yini yihlane ku-Israyeli, noma izwe lesigayegaye na? Kungani abantu bami bethi: ‘Sesidlubulundile, asisayukubuyela kuwe,’ na?
U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, senginentilibathwa yomcebo. Kuzo zonke izithukuthuku zami abayukuthola kimi okubi okuyisono.”
Abazithengile bazihlaba, kodwa bona abethweswa cala, nabazithengisayo bathi: ‘Makabongwe uSimakade; sengicebile.’ Abelusi bazo abanaluzwelo ngazo.
Kwathi lapho ekuzwa lokho, wathi: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa ngabagulayo kuphela.
Kulungile, anqunywa ngenxa yokungakholwa, kodwa wena umi ngokukholwa. Ngakho-ke ungazikhukhumezi, kodwa yesaba.
Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.
Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
Ngokuba ongenazo lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, esikhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zayo zakudala.
Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.
ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho, kodwa ube ucebile, nenhlamba yalabo abathi bangabaJuda bengesibo, kodwa beyisinagoge likaSathane.
Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi, ungabandi, ngizakukukhafula uphume emlonyeni wami.