Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 9:12 - IsiZulu 2020

12 Kwathi lapho ekuzwa lokho, wathi: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa ngabagulayo kuphela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa uJesu ekuzwa wathi kubo: Abaphilileyo kabadingi melaphi, kodwa abagulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 9:12
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo.


Mina ngithi: “Simakade, yiba nomusa kimi, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.”


Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha.


Simakade, ngiphulukise, ngiyakuphuluka, ngihlenge, ngiyakuhlengwa, ngokuba uludumo lwami.


Ngokuba ngiyakukuphilisa, ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade, ‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo, neZiyoni akukho muntu olifunayo.’


“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele impumelelo nokulondeka okukhulu.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzosindisa okulahlekileyo.”


UJesu esekuzwile lokho, wathi kuzo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa idingwa ngabagulayo kuphela. Mina angizelanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”


UJesu waphendula, wathi kubo: “Abaphilileyo abayidingi inyanga, kodwa labo abagulayo kuphela.


Owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, owayesezame kwabaningi efuna ukuphulukiswa kodwa akaze akuthola.


Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa.


Uyakhonza kini uLuka, inyanga ethandekayo, noDema.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka