Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.
IsAmbulo 19:3 - IsiZulu 2020 Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Intuthu evela kuso yenyuka kuze kube phakade naphakade.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.” Baasraak Zulu New Testament Bible Baphinda bathi: Haleluya. Futhi umusi wawo wenyuka kuze kube phakade naphakade. Contemporary Zulu Bible 2024 Baphinda bathi: Haleluya. Futhi umusi wawo wenyuka kuze kube phakade naphakade. |
Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo.
Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali. Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, Haleluya!
Aliyukucinywa ubusuku nemini, intuthu yalo iyothunqa yenyuke kuze kube phakade. Liyohlala liyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane, akukho muntu oyodabula kulo nanini.
NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.
Intuthu yokuhlushwa kwabo iyenyuka kuze kube phakade naphakade. Abasenakuphumula imini nobusuku labo abakhonza isilo nesithombe saso, nakulabo abemukele uphawu lwegama laso.”
bekhala lapho bebona intuthu yokusha kwalo, bethi: ‘Yimuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na?’
“Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.
Emveni kwalokho, ngezwa sengathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, inkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,
Amalunga angama-24 ayesethi mbo ngobuso, kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohleli esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”