Inyanga iyakukhophozela, ilanga libe namahloni, ngokuba uSimakade Wamabandla uyobusa entabeni iZiyoni naseJerusalema, phambi kwamalunga akhe, inkazimulo yakhe ibe phambi kwamalunga akhe.
IsAmbulo 16:8 - IsiZulu 2020 Ingelosi yesine yathululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo. Baasraak Zulu New Testament Bible Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni; lanikwa amandla okutshisa abantu ngomlilo. Contemporary Zulu Bible 2024 Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni; lanikwa amandla okutshisa abantu ngomlilo. |
Inyanga iyakukhophozela, ilanga libe namahloni, ngokuba uSimakade Wamabandla uyobusa entabeni iZiyoni naseJerusalema, phambi kwamalunga akhe, inkazimulo yakhe ibe phambi kwamalunga akhe.
Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”
Kepha kwathi lapho seliphumile ilanga, yabuna, ngokuba ingenazimpande ezigxilileyo.
“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo.
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga iphenduke igazi, ngaphambi kokuba kufike usuku olukhulu nolubalulekileyo lweNkosi.
Nenye yaphuma futhi e-althare, inegunya phezu komlilo, yamemeza ngezwi elikhulu kuleyo ephethe isikela elibukhali, ithi: “Sika ngesikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini omhlaba, ngokuba amahlukuzo amagilebhisi asevuthiwe.”
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,
Kabasalambi, kabasomi, kabasashiswa yilanga, nanoma ngabe luhlobo luni lokushisa,
Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku.
Yavula umgodi wakwalasha; kwaphuma isikhatha sentuthu kungathi intuthu iphuma eziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngentuthu eyayiphuma emgodini.