Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 16:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni; lanikwa amandla okutshisa abantu ngomlilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Eyesine yayisithululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Ingelosi yesine yathululela isitsha sayo elangeni; lase linikwa ukubashisa abantu ngomlilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Eyesine yathululela isitsha sayo elangeni; lanikwa amandla okutshisa abantu ngomlilo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 16:8
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inyanga iyakuma inamahloni, nelanga lijabhe, lapho uJehova Sebawoti eyakubusa eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema nangokukhazimulayo phambi kwamalunga akhe.


Kwathi ekuphumeni kwelanga, uNkulunkulu walungisa umoya wasempumalanga onamandla; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waquleka, wafuna ukufa phakathi kwakhe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Kwathi seliphumile ilanga, zahangulwa; futhi ngenxa yokuthi zazingelampande zabuna.


Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi;


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, nenyanga ibe yigazi, lungakafiki lolo suku lweNkosi olukhulu noluphawulekayo;


Kwaphuma enye ingelosi e-altare, inamandla phezu komlilo; yamemeza ngezwi elikhulu kophethe isikela elibukhali, yathi: “Faka isikela lakho elibukhali, ubuthe amahlukuzo omvini womhlaba; ngoba izithelo zayo sezivuthiwe.


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;


Abasayikulamba, bangabe besakoma; nelanga aliyikubakhanyisela, noma yikuphi ukushisa.


Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo.


Yasivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi wesithando somlilo esikhulu; ilanga nomkhathi kwaba mnyama ngomusi womgodi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka