USimakade Wamabandla uyokuhambela ngokushesha nangokuduma, nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho nangelangabi lomlilo oqothulayo.
IsAmbulo 16:18 - IsiZulu 2020 Kwase kuba khona imibani, amazwi, ukuduma, nokuzamazama komhlaba okukhulu okwakungakaze kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, kwaba khona nokuzamazama okukhulu komhlaba okungazange kube khona okunjalo, selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okukhulu kangaka. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwase kuba khona amazwi, nokuduma, nemibani; kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu okungazange kube khona okunjalo selokhu kwaba khona abantu emhlabeni, ukuzamazama komhlaba okunamandla okungaka, okungaka. |
USimakade Wamabandla uyokuhambela ngokushesha nangokuduma, nangokuzamazama, nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho nangelangabi lomlilo oqothulayo.
“Ngaleso sikhathi uyakuvela uMikhayeli, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi. Ngalezo zinsuku abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.
Ngokuba kuyakuba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kwasekuqaleni kwezwe, kuze kube manje, futhi olungasoze lwaba khona.
Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwathi okweshumi komuzi kwawa, kwafa ekuzamazameni komhlaba abantu abayizi-7 000, kwathi abasalayo bashaywa wuvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.
Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.
Esihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, amazwi, nokuduma. Izibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya bakaNkulunkulu abayisikhombisa.
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,
Ingelosi yathabatha isithunqiso, yasigcwalisa ngamalahle omlilo wase-althare avuthayo, yasiphonsa emhlabeni, kwase kuba khona ukuduma, umsindo, imibani, nokuzamazama komhlaba.