lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?
IsAmbulo 1:16 - IsiZulu 2020 Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo. Baasraak Zulu New Testament Bible Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo. Contemporary Zulu Bible 2024 Esandleni sakhe sokunene wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa, nasemlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga elikhanya ngamandla alo. |
lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?
Ngubani lo obukeka njengentathakusa, omuhle njengenyanga, okhanya njengelanga, ohlonipheka njengempi na?
Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
Inyanga iyakukhophozela, ilanga libe namahloni, ngokuba uSimakade Wamabandla uyobusa entabeni iZiyoni naseJerusalema, phambi kwamalunga akhe, inkazimulo yakhe ibe phambi kwamalunga akhe.
Wawenza umlomo wami wanjengenkemba ebukhali, wangithukusa ethunzini lesandla sakhe, wangenza umcibisholo omenyezelayo, wangithukusa emgodleni wakhe.
Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwakuphonsa phansi okunye kwebandla, nokwezinkanyezi, lwakunyathela.
“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.
Waphenduka esinye isimo bezibonela ngawabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
emini bebade, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, okwedlula ngisho ukukhazimula kwelanga, kwangikhanyisa nxazonke kanye nababehamba nami.
Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo.
Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ivela ezulwini, yembethe ifu, nothingo lwenkosazana luphezu kwekhanda layo, ubuso bayo babunjengelanga, izinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,
Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, ekhanda lakhe ethwele umqhele wezinkanyezi ezili-12.
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.
Kwathi ababesele babulawa ngenkemba eyayiphuma emlonyeni wakhe lowo owayehleli ehhashini, izinyoni zonke zasutha yinyama yabo.
“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yilowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, uthi:
“Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba, ukuthi: “ ‘Usho lokhu onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:
Ngakho-ke phendukani, uma kungenjalo, ngizoza kini ngokuphazima kweso, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.
“Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo onoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: ngiyayazi imisebenzi yakho nokuthi unegama lokuthi uyaphila kanti ufile.
U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubude bayo buyikhubhithi, wayibophela ethangeni lakhe lakwesokunene ngaphansi kwezingubo zakhe.
“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.