Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 3:16 - IsiZulu 2020

16 U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubude bayo buyikhubhithi, wayibophela ethangeni lakhe lakwesokunene ngaphansi kwezingubo zakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombili, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa u-Ehudi wazenzela inkemba esika nhlangothi zombili, ubude bayo buyingalo; walibhinca ngaphansi kwengubo yakhe ethangeni lakhe lokunene.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 3:16
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi sebeseduze netshe elikhulu eliseGibheyoni, u-Amasa weza ukuzobahlangabeza. UJowabe wayegqoke isembatho sakhe sempi, ayehlale esigqoka. Kuboshelwe kuso ibhande elinenkemba emgodleni wayo, elibhince okhalo. Ngesikhathi eza phambili, inkemba yawa.


Ukuphakamisa uNkulunkulu makube semilonyeni yabo, baphathe ngesandla inkemba ekhaliphe nhlangothi zombili,


Gaxa inkemba yakho enqulwini, wena qhawe, ngodumo nobukhosi bakho.


Wonke aphethe izinkemba, aqeqeshelwe impi, yileyo naleyo ndoda, inkemba yayo isenqulwini yayo, ngenxa yokwesaba ebusuku.


Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo.


Wayephethe esandleni sakhe sokunene izinkanyezi eziyisikhombisa, emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubuso bakhe bukhazimula njengelanga likhanya bha.


“Nakuyo ingelosi yebandla lasePhergamu loba, ukuthi: “ ‘Usho lokhu onenkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, uthi:


Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.


Wahambisa umnikelo ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi. U-Egiloni wayekhuluphele kakhulu.


U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sasekhohlo wahosha inkemba yakhe eyayisethangeni lakhe lesokunene, wamgwaza ngayo u-Egiloni esiswini;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka