Hoseya 9:14 - IsiZulu 2020 “Simakade, banike. Ngabe uyakubanikani na? Isisu esiphuphumileyo namabele angenalubisi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Banike, Jehova uyakunikani? Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Baphe, Jehova, uzabanikani? abakhiphe isisu futhi ome amabele. |
Ezweni lakini akekho owesifazane oyophuphunyelwa yisisu, noma oyoba yinyumba. Ngiyokupha impilo ende.
Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni, kungabi bikho kuthatha sisu, kukhulelwa nakuzala.
Ngimbonile u-Efrayimi enjengeThire, etshalwe endaweni evundileyo, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela izingane zakhe kumbulali.
U-Efrayimi unqundiwe, impande yabo yomile, abayukuthela sithelo. Noma bangazala, kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”
Wo, kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni, nentukuthelo yehlele phezu kwalesi sizwe.
Ngokuba izinsuku ziyeza abayakuthi ngazo: ‘Zibusisiwe izinyumba nezibeletho ezingazalanga, namabele angancelisanga.’
Ngakho-ke ngithi ngenxa yenkathazo ekhona, kuhle ukuba indoda ihlale injengalokhu injalo.
“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.