Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 9:11 - IsiZulu 2020

11 Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni, kungabi bikho kuthatha sisu, kukhulelwa nakuzala.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Udumo luka-Efrayimi luyakundiza, lumuke njengenyoni, kungabikho ukuzala, nonesisu, nokukhulelwa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kepha u-Efrayimi, udumo lwakhe luyondiza lumuke njengenyoni, ekuzalweni nasesiswini nasekukhulelweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 9:11
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Eyesibili indodana wayiqamba wathi ngu-Efrayimi, ngokuba ethi: “UNkulunkulu ungandisile ezweni lokuhlupheka kwami.”


“UJosefa ungumuthi othelayo, ongasesiphethwini, omagatsha awo akhwela odongeni.


UMikhali, indodakazi kaSawule, akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.


Yebo, ukukhanya kwesikhohlakali kuyacishwa, nelangabi lomlilo waso aliyukukhanya.


Mababe njengomnenke oncibilika uphele, njengokuphuphume kowesifazane, okungalibonanga ilanga.


Uma umuntu ezele abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa angathokozeli izinto ezinhle empilweni, futhi angangcwatshwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


Kuyobhidlika inqaba kwa-Efrayimi, nombuso eDamaseku, nensali e-Aramu, kube njengodumo lwabantu bakwa-Israyeli,” kusho uSimakade Wamabandla.


Izakhamuzi zaseSamariya ziyakwesaba ngenxa yethole laseBhethi Aveni, ngokuba abantu bakhona nabaphristi balo bayakulililela, phela udumo lwalo selushabalele kulo.


Njengoba banda nje, kanjalo kuyanda nokona kwabo kimi. Ngiyakuguqula ukuhlonishwa kwabo kube yihlazo.


U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngikumemezele lokho okuqinisekileyo phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


“Simakade, banike. Ngabe uyakubanikani na? Isisu esiphuphumileyo namabele angenalubisi.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.


Ngokuba izinsuku ziyeza abayakuthi ngazo: ‘Zibusisiwe izinyumba nezibeletho ezingazalanga, namabele angancelisanga.’


“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.


umzanyana ophuma phakathi kwemilenze yakhe, nabantwana bakhe ayokubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ngenxa yokuswela kwakhe lapho evinjezelwe, exinwe yizitha zakhe kuwo wonke amasango akho.


Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka