Wathi kuye: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe udlile yini kulowo muthi engakudonsa ngendlebe ngathi ungadli kuwo na?”
Hoseya 6:7 - IsiZulu 2020 Kodwa basephulile isivumelwano njengo-Adamu; bangathembeka kimi ngalokho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu; bangikhohlisa ngalokho. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha basephula isivumelwano njengabantu; lapho bangikhohlisile. |
Wathi kuye: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe udlile yini kulowo muthi engakudonsa ngendlebe ngathi ungadli kuwo na?”
Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.
Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.
uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu, ngokufihla ububi bami esifubeni sami,
Emikhawulweni yomhlaba sizwa amahubo okudumisa, athi: “Udumo malube koLungileyo!” Kodwa mina ngithi: “Maye, kimina, ngokuba ngiyafa, ngiyafa!” Ngokuba abakhohlisi bakhohlisile, abakhohlisi bakhohlisile kakhulu.
Umhlaba ungcolisiwe ngabakhileyo kuwo, ngokuba bayeqile imithetho, baphambuka ezimisweni, basephula isivumelwano saphakade.
Yebo, awukaze ukuzwe, awukaze ukwazi, kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele, nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.
Ngangicabanga ukuthi emva kokwenza zonke lezo zinto, uzobuyela kimi, kodwa akabuyanga. Nodadewabo uJuda okhohlisayo, ukubonile lokho.
esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.
Ngiyakubenza abantu abeqe isivumelwano sami, abangawagcinanga amazwi esivumelwano abasenzile phambi kwami; ngiyakubenza njengethole abaliklaya kabili, badabula phakathi kwezinhlangothi zalo,
Bahlala phakathi kwenkohliso; ngenkohliso bayenqaba ukungazi Mina,” kusho uSimakade.
Abethembekanga kuSimakade, ngokuba bazale amavezandlebe, manje-ke inyanga eyethwasayo iyakubashwabadela nezabelo zabo.
“Beka uphondo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaSimakade, ngokuba basephulile isivumelwano sami, bamelana nomthetho wami.
Nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, nakulabo abangonanga ngesiphambeko esifanayo nesika-Adamu oyisifanekiso salowo ozayo.
Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engafunga kokhokho babo, izwe elichichima ubisi noju, bayodla, basuthe, bakhuluphale, bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangedelele, basephule isivumelwano sami.
esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo mhla ngibabamba ngesandla ngibakhipha eGibhithe; ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami, nami angibanakanga,” kusho iNkosi.