ngathi ngeke ngamukele lutho lwakho, ngisho umucwana womchilo wembadada, ukuze ungangijikeli bese uthi: ‘Yimi engimnothisile u-Abhrama.’
Esteri 9:10 - IsiZulu 2020 Nokho awazange athathe mpango. IBHAYIBHELI ELINGCWELE amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, ababulala; kepha abazibekanga izandla zabo empangweni. |
ngathi ngeke ngamukele lutho lwakho, ngisho umucwana womchilo wembadada, ukuze ungangijikeli bese uthi: ‘Yimi engimnothisile u-Abhrama.’
Afika namanye amadodana kaJakobe afica izidumbu, ayesewuphanga umuzi, ngokuba wayengcoliselwe lapho udadewabo.
Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.
Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango.
waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.
Ngokuba mina nabantu bakithi sithengisiwe, sizobulawa, sibhujiswe, siqedwe nya. Ukuba besithengisiwe sayoba yizigqila bengizozithulela, ngokuba leyo nkathazo ibingeke iyilimaze inkosi.”
U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.
Kulezo zincwadi kwakubhalwe ukuthi abaJuda, emizini yonke babevunyelwe ukuba bahlangane, bazivikele, babulale, babhubhise amabutho esifundazwe abahlaselayo, izingane nabesifazane, baphange nezimpahla zabo,
Ngalolo lusuku, umbiko ngenani lalabo ababebulewe enhlokomuzi iShushani, wethulelwa inkosi,
Wayesethi: “Isandla sisesihlalweni sikaSimakade! USimakade uyakulwa nama-Amaleki izizukulwane ngezizukulwane.”
Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,
Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.
Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke.
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho.