Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 7:6 - IsiZulu 2020

6 U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 U-Esteri wathi: “Isitha nesitha nguHamani lo omubi.” Khona-ke uHamani wesaba inkosi nendlovukazi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 7:6
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu.


Inkosi yase ikhipha indandatho yokusicilela emunweni wayo, yayinika uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, isitha sabaJuda.


Inkosi u-Ahasheveroshi yabuza indlovukazi u-Esteri, yathi: “Ngubani lowo? Uphi lowo muntu onesibindi sokwenza into enjengalena na?”


Ngalolo lusuku inkosi u-Ahasheveroshi yanika u-Esteri, indlovukazi, indlu kaHamani, isitha sabaJuda. UMoridekhayi weza enkosini, ngokuba u-Esteri wayeseyitshelile ukuthi bahlobene kanjani.


Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.


Intukuthelo yenkosi ifana nezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Inhliziyo yami iyadwanguza, iyathuthumela; ukuhwelela ebengikulangazelela kungehlele, sekuphenduke ixhala kimi.


Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.


Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.


Kunjengesaga sasendulo esithi: ‘Kwababi kuvela ububi,’ yingakho-ke nje isandla sami singeke sikubulale.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka