Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 3:13 - IsiZulu 2020

13 Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Izincwadi zathunyelwa kuzo zonke izifunda zenkosi ukuba kubhujiswe, kubulawe futhi kubhujiswe wonke amaJuda, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye, ngosuku lweshumi nantathu lweshumi nambili. Inyanga, leyo yinyanga ka-Adari, nokuphanga impango yabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 3:13
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izigijimi zaphuma nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda njengokwesiyalezo senkosi esithi: “Nina bakwa-Israyeli, buyelani kuSimakade uNkulunkulu ka-Abhrahama, noka-Isaka noka-Israyeli ukuze naye abuyele ensalini yenu ephunyuke esandleni samakhosi ase-Asiriya.


Ngokuba mina nabantu bakithi sithengisiwe, sizobulawa, sibhujiswe, siqedwe nya. Ukuba besithengisiwe sayoba yizigqila bengizozithulela, ngokuba leyo nkathazo ibingeke iyilimaze inkosi.”


wathi: “Uma kukuhle enkosini, ngifumene umusa kuyo, futhi uma kulungile phambi kwayo, ngicela ibhale umyalelo wokuhoxisa icebo likaHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, owabhala izincwadi zokuthi kubhujiswe abaJuda abahlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi.


Lwaze lwafika usuku lwamanqamu, mhla zilishumi nantathu ngenyanga u-Adari, olwalubhalwe esimemezelweni senkosi, usuku izitha zabaJuda ezazilumisele ukushaya icole ngalo kubaJuda, kanti kuzophenduka izikhuni, kube ngabaJuda abazobusa phezu kwazo.


Nokho awazange athathe mpango.


AbaJuda benza ababefisa ukukwenza ezitheni zabo. Bazihlasela ngenkemba, babulala noma ngubani ababefuna ukumbulala, bonke ababeyizitha zabo.


“Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi, ziyabaleka zingakubonanga okuhle.


Ngiyithuma esizweni esingenabunkulunkulu, ngiyijube ukubhekana nabantu engibathukuthelele ukuba ibaphange impango, iqhwage impahla, ibaxove njengodaka emigwaqweni.


Isigijimi siyagijma, sihlangane nesinye, nesithunywa silandela esinye ukuyobikela inkosi yaseBhabhele, ukuthi umuzi wayo usudliwe nxazonke.


izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi,


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


INobhi, umuzi wabaphristi wawubhubhisa ngenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi, izimbongolo nezimvu, wakubhubhisa ngenkemba.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka