Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 9:1 - IsiZulu 2020

Lwaze lwafika usuku lwamanqamu, mhla zilishumi nantathu ngenyanga u-Adari, olwalubhalwe esimemezelweni senkosi, usuku izitha zabaJuda ezazilumisele ukushaya icole ngalo kubaJuda, kanti kuzophenduka izikhuni, kube ngabaJuda abazobusa phezu kwazo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kusondela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngenyanga yeshumi nambili, eyinyanga ka-Adari, ngosuku lweshumi nantathu lwayo, lapho kwakusondela isimemezelo senkosi nomthetho wayo ukuba wenziwe, ngalolo suku izitha zabaJuda zazinethemba lokunqoba ngalo. Babe nazo, (ngisho noma kwakuphambene, ukuthi amaJuda ayebusa phezu kwalabo ababewazonda;)

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 9:1
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.


Lezo zincwadi zanikwa izigijimi, zathunyelwa kuzo zonke izifundazwe zenkosi. Umyalelo wawuthi kumele kubulawe bonke abaJuda, abancane nabadala, nezinsana nabesifazane, ngalusuku lunye okwakungolwe-13, ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari, nempahla yabo ibe yimpango.


Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.


ngosuku olwaluqokelwe ukuba abaJuda ababehlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi u-Ahasheveroshi, zili-13 ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.


Ngingakumela kanjani ukubona ububi behlela abantu bakithi na? Ngingakumela kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


Zonke lezo zinto zenzeka mhla zilishumi nantathu, ngenyanga u-Adari, namhla zilishumi nane, babe sebephumula. Lolo suku balwenza lwaba wusuku lwedili nenjabulo.


Unikele ngezitha zami kimi, nabangizondayo ngabaqothula.


Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo,


Isisangulukile ingqondo kaPhethro, wathi: “Manje sengiyazi ngokweqiniso ukuthi iNkosi ithumele ingelosi yayo, ingikhululile esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.”


“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


izizwe zathukuthela, kwase kufika ulaka lwakho, nesikhathi sokwehlulelwa kwabafileyo, nokunika izinceku zakho umvuzo, abaphrofethi nabangcwele nabesaba igama lakho, abancane nabakhulu, nokubhubhisa ababhubhisa umhlaba.”