Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 8:8 - IsiZulu 2020

kodwa umbhalo olotshwe egameni lenkosi wagxivizwa ngesigxivizo sasebukhosini, awusoze waguqulwa. Nokho-ke, nina nobabili ningababhalela abaJuda noma yini eniyifisayo; ningayibhala egameni lami, nifake isisicilelo sasebukhosini.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Kepha lobani nani ngabaJuda njengokuhle emehlweni enu egameni lenkosi, nikunamathelise ngendandatho yenkosi, ngokuba umbhalo obhalwe egameni lenkosi wanamatheliswa ngendandatho yenkosi awunakubuyiswa muntu.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi lobelani abaJuda egameni lenkosi njengokufisa kwenu, nilinamathelise ngendandatho yenkosi; ngoba umbhalo olotshiweyo ebizweni lenkosi, waphawulwa ngendandatho yenkosi, kawuphenduki muntu.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 8:8
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJezebheli wayeseloba izincwadi egameni lika-Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithumela kumalunga, ezikhulwini ezazisemzini, ababakhe noNabothi.


Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.


Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.


Lezo zincwadi bazibhala egameni lenkosi u-Ahasheveroshi; uMoridekhayi wazifaka isisicilelo sasebukhosini. Zathunyelwa ngezigijimi ezazigibele amahhashi anejubane, ayekhuliswe esitebeleni sasebukhosini.


wathi: “Uma kukuhle enkosini, ngifumene umusa kuyo, futhi uma kulungile phambi kwayo, ngicela ibhale umyalelo wokuhoxisa icebo likaHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, owabhala izincwadi zokuthi kubhujiswe abaJuda abahlala kuzo zonke izifundazwe zenkosi.


Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenakuguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”