UDaniyeli 6:8 - IsiZulu 20208 Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenakuguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE8 Kalokhu, nkosi, simemezele isiyalezo, ulobe umbhalo ukuba ungaguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.” Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20248 Khathesi qinisa umthetho, nkosi, usayine umbhalo, ukuze ungaguquki njengomthetho wamaMede lamaPheresiya ongaguqukiyo. Uka jalj uñjjattʼäta |
Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.
Asondela phambi kwenkosi, akhuluma kuyo ngesiyalezo sayo, athi: “Awukhiphanga yini umthetho othi yilowo nalowo ocela kunoma yimuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingama-30, ngaphandle kwakho nkosi, uyakuphonswa emphandwini wezingonyama na?” Inkosi yaphendula yathi: “Kuyiqiniso lokho ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”