kodwa induna yababhakizinkwa wayiphanyeka, njengoba uJosefa ayebachazele amaphupho abo.
Esteri 7:10 - IsiZulu 2020 Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi. Contemporary Zulu Bible 2024 Basebemphanyeka uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Lwase luphela ulaka lwenkosi. |
kodwa induna yababhakizinkwa wayiphanyeka, njengoba uJosefa ayebachazele amaphupho abo.
Emveni kwalezo zinto, selubohlile ulaka lwenkosi u-Ahasheveroshi, yakhumbula uVashiti nayekwenzile, nokuthi kwakhishwa simemezelo sini ngaye.
Umkakhe uZereshi nabo bonke abangani bakhe bathi kuye: “Tshela abantu bagxumeke isigxobo sokuphanyeka esingamakhubhithi angama-50 ubude, bese ucela enkosini ekuseni ukuba kulengiswe kuso uMoridekhayi, uhambe nenkosi uyozitika ukhululekile.” Leso seluleko samthokozisa uHamani, wayesesenza isiphanyeko.
Inkosi yasukuma yashiya idili, yaphuma ithukuthele ibila, yaya engadini yasesigodlweni. UHamani wasala encenga indlovukazi u-Esteri ukuba angabulawa.
Kuthe lapho inkosi ibuya engadini yasesigodlweni, ingena endlini yedili, yafica uHamani ewele embhedeni okwakucambalele kuwo u-Esteri, yathi: “Awunamahloni okubhudukeza indlovukazi phambi kwami, esigodlweni sami pho?” Ithe ingasho lawo mazwi inkosi, abathenwa baphuthuma bemboza ubuso bukaHamani.
Inkosi u-Ahasheveroshi yase ithi ku-Esteri noMoridekhayi, umJuda: “Bhekani, indlu kaHamani ngiyinike indlovukazi u-Esteri, uHamani walengiswa esiphanyekweni ngenxa yozungu alwakhela abaJuda,
Inkosi yayaleza ukuba kwenziwe lokho; umthetho washaywa eShushani, amadodana alishumi kaHamani aphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.
kodwa u-Esteri eseyitshelile inkosi ngaleyo ndaba, yathi akubhalwe izincwadi zokuguqula lelo lisu elibi likaHamani ayehlose ngalo ukucekela phansi abaJuda, lelo cebo laba yisijeziso esehlela yena namadodana akhe, baphanyekwa ezigxotsheni zokuphanyeka.
Ukukhohlakala kwabo ukuphindisela kubo, uyobaqeda nya ngobubi babo; uSimakade uNkulunkulu wethu uyabaqeda.
Olungileyo uyakhululwa osizini, kodwa esikhundleni sakhe kungena isikhohlakali.
“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.
“ ‘Intukuthelo yami iyakuphela-ke, nganelise ulaka lwami ngabo. Ngiyakuphindisela kubo. Bayakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade, ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengikuphelelisile ukuthukuthela kwami kubo.
Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.
UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, izizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke wathi: “Ukuthula makwande kini.
Yayisibiza, yakhuluma nami, yathi: “Uyabona-ke, lawa alibhekise enyakatho, ayakuthulisa uMoya wami enyakatho.”
USamsoni wathi kuwo: “Uma kuyilokhu enikwenzayo, ngiyafunga ukuthi anginakuphumula ngize ngiziphindiselele kini.”