Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha.
Esteri 4:6 - IsiZulu 2020 UHathakhi waya kuMoridekhayi owayesesigcawini somuzi, phambi kwesango lesigodlo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHathaki wayesehamba, waya kuMoridekayi esigcawini somuzi esasiphambi kwesango lenkosi. Contemporary Zulu Bible 2024 UHathaki wayesephumela kuMoridekayi esigcawini somuzi esasiphambi kwesango lenkosi. |
Kuzo zonke izifundazwe lapho kwafinyelela khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba nomsindo wokulila okukhulu kubaJuda; bazila ukudla, bakhala, balila, iningi labo lalala phansi ligqoke indwangu eyisaka, lazithela ngomlotha.
U-Esteri wayesebiza uHathakhi, omunye wabathenwa basesigodlweni, inkosi eyayimqokele ukusebenzela indlovukazi, ukuba ayobuza kuMoridekhayi ukuthi kwenzenjani, nokuthi yini eyenza aziphathe ngalolo hlobo na?
UMoridekhayi wamtshela konke okwakumehlele, nangesamba sesiliva uHamani ayethembise ukusikhokha esikhwameni senkosi ukuze kubhujiswe abaJuda.
Ngosuku lwesibili edilini, besaphuza iwayini, inkosi yambuza okwesibili u-Esteri, yathi: “Ndlovukazi, Esteri, siyini isicelo sakho na? Uzosenzelwa. Ufunani-ke? Uyakunikwa noma kungaba yingxenye yombuso.”
yayisithi endlovukazini u-Esteri: “Enhlokomuzi iShushani, abaJuda babulale amadoda angama-500, kuwo kunamadodana alishumi kaHamani. Kazi benzenjani kwezinye izifundazwe na? Yini-ke enye osayicela? Ngizokunika yona. Ucelani? Ngizokwenzela.”