Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 4:5 - IsiZulu 2020

5 U-Esteri wayesebiza uHathakhi, omunye wabathenwa basesigodlweni, inkosi eyayimqokele ukusebenzela indlovukazi, ukuba ayobuza kuMoridekhayi ukuthi kwenzenjani, nokuthi yini eyenza aziphathe ngalolo hlobo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 U-Esteri wayesebiza uHathaki wezinduna zenkosi eyayimmisile ukuba amkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekayi, ukuze akwazi ukuthi kuyini nokuthi kungani na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 U-Esteri wayesebiza uHathagi, omunye wezinceku zenkosi eyayimmisile ukuba amnakekele, wamnika umyalo kuMoridekayi ukuze azi ukuthi kuyini nokuthi kungani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 4:5
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku lwesikhombisa, inkosi seyeneme kakhulu ngenxa yewayini, yayala abathenwa ababengabasizi bayo, uMehumani, uBhizitha, uHaribhora, uBhigitha, u-Abigitha, uZethari noKarikhasi,


Kodwa indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza njengoba kwakuyaleze inkosi kubathenwa. Lokho kwayenza inkosi yathukuthela kakhulu, yabhodla umlilo.


U-Esteri watshela uHathakhi umyalezo okwakufanele ukuba awuse kuMoridekhayi, othi:


Izintombi eziyizisebenzi zika-Esteri nabathenwa bamazisa ngalokho, waphatheka kabi kakhulu, wamthumelela izingubo uMoridekhayi ukuze akhumule indwangu eyisaka, agqoke zona, kodwa wazenqaba.


UHathakhi waya kuMoridekhayi owayesesigcawini somuzi, phambi kwesango lesigodlo.


UHathakhi wahamba wayotshela u-Esteri lokho okwakushiwo nguMoridekhayi.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.


Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye.


Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka