UMoridekhayi wamnika ifuzela lesimemezelo esasibhalwe sakhishwa eShushani ukuba kubhujiswe abaJuda, ukuze alikhombise u-Esteri, bese emyala ukuthi aye enkosini ayonxusela abantu bakubo.
Esteri 3:14 - IsiZulu 2020 Kwakukhona nomyalo othi kumele kwenziwe nezinye izincwadi zaleso sinqumo, zisiwe kuzo zonke izifundazwe kube ngumthetho, ukuze bonke abantu bazi ngawo, bame ngomumo ngalolo lusuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Impinda yokulotshiweyo yanikwa ukuba ibe yisimemezelo ezifundeni zonke, kumenyezelwe kubantu bonke ukuba bazilungiselele lolo suku. Contemporary Zulu Bible 2024 Ikhophi yombhalo womyalo oyakuphuma ezifundeni zonke, yaziswa kubo bonke abantu, ukuthi babe sebelungile ngalolo suku. |
UMoridekhayi wamnika ifuzela lesimemezelo esasibhalwe sakhishwa eShushani ukuba kubhujiswe abaJuda, ukuze alikhombise u-Esteri, bese emyala ukuthi aye enkosini ayonxusela abantu bakubo.