ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”
Esteri 2:23 - IsiZulu 2020 Lwaphenywa lolo daba kwatholakala ukuthi luyiqiniso, ngakho-ke laba bathenwa ababili balengiswa esiphanyekweni. Le ndaba yabhalwa phansi emilandweni yenkosi phambi kwayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho indaba iphenywa, kufunyanwa ukuthi injalo, zaphanyekwa zombili emthini; kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho indaba isiphenyisiswa, yafunyanwa; baphanyekwa bobabili emthini, kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi. |
ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”
kodwa induna yababhakizinkwa wayiphanyeka, njengoba uJosefa ayebachazele amaphupho abo.
ukuze kuphenywe emiqulwini yemilando yokhokho bakho. Uyokuthola kuyo ukuthi lo muzi bewuhlale uwuhlupho, uvukela umbuso, nokuthi kusukela emandulo amakhosi nababusi bezifunda bewubahlalisa lubhojozi. Abantu bakhona bavele bangamambuka, yingakho nje umuzi wabhujiswa.
Zonke izinto ezinkulu, nezimangalisayo azenzayo, nendaba yonke yokukhushulelwa kukaMoridekhayi esikhundleni esikhulu, kubhaliwe emilandweni yamakhosi amaMediya namaPheresiya.
Umkakhe uZereshi nabo bonke abangani bakhe bathi kuye: “Tshela abantu bagxumeke isigxobo sokuphanyeka esingamakhubhithi angama-50 ubude, bese ucela enkosini ekuseni ukuba kulengiswe kuso uMoridekhayi, uhambe nenkosi uyozitika ukhululekile.” Leso seluleko samthokozisa uHamani, wayesesenza isiphanyeko.
Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.
Base bemphanyeka esigxotsheni sokuphanyeka, uHamani ayekade esilungiselele uMoridekhayi. Yayisibohla intukuthelo enkosini.
Kuthi lapho abamesabayo uSimakade uma bekhuluma bodwa omunye nomunye; uSimakade akulalelisise, akuzwe lokho, bese kubhalwa phambi kwakhe encwadini yokukhumbula abamesabayo uSimakade, labo abalihloniphayo iGama lakhe.
Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.