U-Esteri akatshelanga muntu ngezihlobo zakhe noma ngabakubo, ngoba wayemdonse ngendlebe uMoridekhayi ukuba angasho lutho.
Esteri 2:20 - IsiZulu 2020 U-Esteri wayengakaze atshele muntu ukuthi ungumJuda, nokuthi bangobani abomndeni wakubo, njengoba uMoridekhayi ayemyalile, ngoba wayengachezuki eziyalweni zikaMoridekhayi njengangesikhathi esahlala naye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Esteri wayengakalandi lutho ngezihlobo zakhe nangabantu bakhe, njengalokho uMoridekayi amyala ngakho, ngokuba u-Esteri wenza okushiwo nguMoridekayi njengalapho esondliwa nguye. Contemporary Zulu Bible 2024 U-Esteri akakasho inzalo yakhe nabantu bakubo; njengokumyala kukaMoridegayi; ngoba u-Esteri wenza umyalo kaMoridegayi njengalapho esondliwa nguye. |
U-Esteri akatshelanga muntu ngezihlobo zakhe noma ngabakubo, ngoba wayemdonse ngendlebe uMoridekhayi ukuba angasho lutho.
Wayenomzala ogama lakhe lingu-Esteri, elesiHebheru kunguHadasa, owayemuhle futhi eme kahle. Uyise nonina babengasekho, ngakho-ke uMoridekhayi wamthatha wamkhulisa njengendodakazi yakhe.