Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 2:18 - IsiZulu 2020

Inkosi yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili: “Idili lika-Esteri.” Lolo lusuku lwaba yiholide ezifundazweni, futhi yapha abantu izipho njengobuningi bengcebo yasebukhosini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Inkosi yayisizenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri, wanika izifunda ukuphumula, waphana ngezipho njengokupha kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Inkosi yayisilungisela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri; wakhulula izifunda, wapha izipho ngokomthetho wenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 2:18
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULabani wabamema bonke abantu bakuleyo ndawo, wenza idili.


NabaLevi babaqinisa idolo, bathi: “Yekani ukukhala, ningabe nisadabuka, ngokuba namuhla lusuku olungcwele.”


Okuphuzwayo kwakuthungelwa ezindebeni zegolide ezahlukahlukene, iwayini laliliningi njengokufanele inkosi.


Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.


Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.


Ekugcineni lwafika olungaliyo, lapho uHerode ngosuku lwakhe lokuzalwa wenzela izikhulu zakhe idili; izinduna zempi nabanumzane baseGalile;


“Uma umenyiwe emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, hleze kukhona omkhulu kunawe ammemileyo.


Abakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelelane izipho, ngokuba laba baphrofethi ababili bebahluphile abakhileyo emhlabeni.


Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe labo abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi futhi kimi: “Lawo ngamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”


Buza izinsizwa zakho, zizokutshela; ngakho-ke izinsizwa zami mazifumane umusa emehlweni akho, ngokuba sifike ngosuku oluhle. Ake uziphe izinceku zakho nendodana yakho uDavide, noma yini onayo.’ ”