Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Inkosi yayisizenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri, wanika izifunda ukuphumula, waphana ngezipho njengokupha kwenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

18 Inkosi yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili: “Idili lika-Esteri.” Lolo lusuku lwaba yiholide ezifundazweni, futhi yapha abantu izipho njengobuningi bengcebo yasebukhosini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Inkosi yayisilungisela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili elikhulu, idili lika-Esteri; wakhulula izifunda, wapha izipho ngokomthetho wenkosi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 2:18
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ULabani wabutha abantu bonke bakuleyo ndawo, wenza idili.


AmaLevi ayesethulisa abantu bonke, ethi: “Thulani, ngokuba lolu suku lungcwele; ningadabuki.”


Baphuziswa ngezitsha zegolide, izitsha zahlukene, ezinye nezinye, iwayini lamakhosi eliningi njengokwesandla senkosi.


njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulileni kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.


Phumani nina madodakazi aseJerusalema, nibone inkosi uSolomoni, inomqhele eyawuqheliswa ngunina ngosuku lokugcagca kwayo nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.


Sengingenile ensimini yami, dadewethu, makoti wami; ngiyabutha imure* lami namakha ami, ngiyadla amakhekheba ami kanye nezinyosi zami, ngiyaphuza iwayini lami kanye nobisi lwami. Yidlani, bangane, niphuze, nisuthe ngothando.


“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.


Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile,


“Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye,


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bethabe, bathumelane izipho, ngokuba laba baprofethi ababili babebahluphile abakhileyo emhlabeni.


Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”


Buza izinsizwa zakho, ziyakukutshela; ngalokho izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba sifikile ngosuku oluhle; ake unike izinceku zakho nendodana yakho uDavide okungafunyanwa esandleni sakho.’ ”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka