Yayiya lapho kusihlwa, kuthi ngakusasa ekuseni iyiswe kwenye indlu iyonakekelwa nguShawashigazi, umthenwa owayengamele izancinza zenkosi. Yayingeke iphinde ingene enkosini, ngaphandle kokuba inkosi iyithandile, yayibiza ngegama.
Esteri 2:15 - IsiZulu 2020 Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho kufika ithuba lika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi, owamthatha ukuba abe indodakazi yakhe, wangena enkosini, akafunanga lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, inceku yenkosi, umlindi wenkosi. Abesifazane, abamisiwe. U-Esteri wazuza umusa emehlweni abo bonke abambonayo. |
Yayiya lapho kusihlwa, kuthi ngakusasa ekuseni iyiswe kwenye indlu iyonakekelwa nguShawashigazi, umthenwa owayengamele izancinza zenkosi. Yayingeke iphinde ingene enkosini, ngaphandle kokuba inkosi iyithandile, yayibiza ngegama.
Wasiwa enkosini u-Ahasheveroshi ngenyanga yeshumi, inyanga okuthiwa uThebhethi, ngonyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.
Inkosi iqoke izikhulu kuzo zonke izifundazwe embusweni wayo, ukuba ziqoqe zonke izintombi ezibukekayo, zilethwe esigodlweni kuHegayi, umthenwa, okunguyena owengamele indlu yabesifazane, azinike izimonyo zazo.
Ngalolo lusuku inkosi u-Ahasheveroshi yanika u-Esteri, indlovukazi, indlu kaHamani, isitha sabaJuda. UMoridekhayi weza enkosini, ngokuba u-Esteri wayeseyitshelile ukuthi bahlobene kanjani.
Indlovukazi u-Esteri, indodakazi ka-Abhihayili, benoMoridekhayi babhala izincwadi, bayiqinisekisa iPhurimi ngamandla ababegunyazwe ngawo.
Kodwa ijuba lami, opheleleyo wami, munye qhwaba; uzelwe yedwa kunina, uyikhethelo lalowo owamzalayo. Amadodakazi ambona qede ambize ngobusisiweyo, ondlunkulu nezancinza bambona maqede bamhashe.
Ngangilugange, namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe, njengofumene ukuthula.
Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.