Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 2:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Lapho kufika ithuba lika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi, owamthatha ukuba abe indodakazi yakhe, wangena enkosini, akafunanga lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, inceku yenkosi, umlindi wenkosi. Abesifazane, abamisiwe. U-Esteri wazuza umusa emehlweni abo bonke abambonayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 2:15
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yangena khona kusihlwa; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi, induna yenkosi, umgcini wezancinza, ingaphindi ingene enkosini, uma inkosi ingathokozanga ngayo, ibizwe ngegama.


U-Esteri wayeseyiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yakhe yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.


inkosi imise ababonisi ezifundeni zonke zombuso wakho ukuba babuthele ndawonye zonke izintombi ezibukekayo eShushani endlini yenkosi endlini yabesifazane phansi kwesandla sikaHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane, zinikwe izinto zazo zokuqhola.


Ngalolo suku inkosi u-Ahashiveroshi yanika u-Esteri, inkosikazi, indlu kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekayi weza phambi kwenkosi, ngokuba u-Esteri wayeselandile ukuthi uyini naye.


U-Esteri inkosikazi, indodakazi ka-Abihayili, noMoridekayi umJuda base beloba ngamandla onke ukuba baqinise le ncwadi yesibili yePhurimi.


Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha; ukuthobeka kuyandulela udumo.


Kepha ijuba lami, opheleleyo wami munye nje; ungoyedwa kunina, ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayambona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa.


Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula.


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka