Le nsizwa ayipholisanga maseko, yasoka, kwazise yayisha amashushu ngoDina, futhi ihlonishwa kakhulu kunabo bonke abendlu kayise.
Esteri 2:14 - IsiZulu 2020 Yayiya lapho kusihlwa, kuthi ngakusasa ekuseni iyiswe kwenye indlu iyonakekelwa nguShawashigazi, umthenwa owayengamele izancinza zenkosi. Yayingeke iphinde ingene enkosini, ngaphandle kokuba inkosi iyithandile, yayibiza ngegama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yangena khona kusihlwa; ekuseni yabuyela endlini yesibili yabesifazane phansi kwesandla sikaShahashigazi, induna yenkosi, umgcini wezancinza, ingaphindi ingene enkosini, uma inkosi ingathokozanga ngayo, ibizwe ngegama. Contemporary Zulu Bible 2024 Yahamba kusihlwa, ngangomuso yabuyela endlini yesibili yabesifazane, phansi kwesandla sikaSheshahasi, induna yenkosi, egada izancinza; nokuthi wayeshiwo ngegama. |
Le nsizwa ayipholisanga maseko, yasoka, kwazise yayisha amashushu ngoDina, futhi ihlonishwa kakhulu kunabo bonke abendlu kayise.
Uma isuka endlini yabesifazane iya esigodlweni, yayigqoka noma yini eyithandayo.
Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe.
“Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.”
Manje usho kanje uSimakade owakudala wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubize ngegama lakho; ungowami.
Ngenxa yenceku yami uJakobe, u-Israyeli okhethiweyo wami, ngikubizile ngegama lakho, ngiyakukunika igama lodumo, noma ungangazi.
Kepha uma ungenelisekile ngaye, uyomkhulula ahambe aye lapho ethanda ukuya khona; impela awuyukuthengisa ngaye ngemali, awuyukumphatha njengesigqila, ngokuba umthele ngehlazo, walala naye.”