Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 4:11 - IsiZulu 2020

11 “Zonke izikhulu zenkosi nalezo ezihlala ezifundazweni ziyazi ukuthi noma ngabe ngowesilisa noma ngowesifazane ongena egcekeni lenkosi elingaphakathi engabiziwe yiyo, ubhekana namthetho munye ofanayo wokuba abulawe, ngaphandle uma inkosi imkhombe ngentonga yayo yegolide, lowo angaphila. Kodwa mina ayingibizile inkosi kulezi zinsuku ezingama-30.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi yilowo nalowo, owesilisa noma owesifazane, oza enkosini egcekeni elingaphakathi, engabizwanga, kumthetho wakhe munye ukuba ambulale ukuze amiswe, ngaphandle kwalabo inkosi eyokwelulela kubo intonga yegolide, ukuze aphile; kepha mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini lezo zinsuku ezingamashumi amathathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 4:11
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.


Yayiya lapho kusihlwa, kuthi ngakusasa ekuseni iyiswe kwenye indlu iyonakekelwa nguShawashigazi, umthenwa owayengamele izancinza zenkosi. Yayingeke iphinde ingene enkosini, ngaphandle kokuba inkosi iyithandile, yayibiza ngegama.


U-Esteri watshela uHathakhi umyalezo okwakufanele ukuba awuse kuMoridekhayi, othi:


Bambikela uMoridekhayi ngokwakushiwo ngu-Esteri.


Inkosi yayisibuza, yathi: “Ngubani osegcekeni?” UHamani wayesanda kungena egcekeni lesigodlo senkosi elingaphandle, ezokhuluma nenkosi ukuba kulengiswe uMoridekhayi esiphanyekweni ayemlungiselele sona.


Inkosi yamkhomba ngentonga yayo yegolide u-Esteri, wayesesukuma ema phambi kwayo,


lokuthi uma ningangazisi iphupho, umthetho munye nje ngani, ngokuba nilungisile amazwi amanga nawonakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi: ngalokho ngitsheleni iphupho, ukuze ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.”


Kanjalo nani madoda, hlalani nabafazi benu niqonda ukuthi owesifazane unjengesitsha esibuthakathaka; nibanike inhlonipho, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka