Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 34:19 - IsiZulu 2020

19 Le nsizwa ayipholisanga maseko, yasoka, kwazise yayisha amashushu ngoDina, futhi ihlonishwa kakhulu kunabo bonke abendlu kayise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Insizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayithokozile ngendodakazi kaJakobe, futhi yayinodumo kunendlu yonke kayise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 34:19
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa.


Amazwi abo ayithola indawo kuHamori noShekhemu indodana yakhe.


UHamori nendodana yakhe baphumela esigcawini somuzi, bakhuluma nezakhamuzi, bathi:


Izinkomazi ezondileyo, ezibukeka kabi, zadla lezi zokuqala ezikhulupheleyo.


UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.


UJabhezi wayetuseka kunabafowabo. Unina wamqamba igama wathi: “NguJabhezi,” ngoba wathi: “Ngokuba ngamzala ngobuhlungu.”


Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla.


Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.


Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


UBhalaki wabuye wathumela ezinye izikhulu eziningi, neziqavile kunalezo ayezithumele kuqala.


Kepha abaJuda bavukuza abesifazane bezizwe ababalulekile, ababekhonza nabo nezikhulu zomuzi, babavusela ukuba oPawula noBharnabha bahlushwe futhi babaxosha emikhawulweni yezwe labo.


Ngakho-ke iningi labo lakholwa, nabesifazane abaqavile bamaGriki namadoda amaningana.


U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka