Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.
EkaJakobe 1:7 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke lowo muntu makangasho ukuthi uyakwemukeliswa utho yiNkosi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lowo muntu makangacabangi ukuthi uyakwamukeliswa utho eNkosini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lowo muntu makangacabangi ukuthi uyakwamukeliswa utho eNkosini. |
Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.
Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.
Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.
Kepha makacele ngokukholwa, engangabazi nakancane, ngokuba ongabazayo ufana nedlambi lolwandle elidudulwa ngumoya, ulise le nale.
Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.