Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




EkaJakobe 4:3 - IsiZulu 2020

3 Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




EkaJakobe 4:3
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi kuye: “Ngokuba ucele lokho, awuzange uzicelele impilo ende, noma ingcebo, noma ucele ukuba kufe izitha zakho, kodwa ucele ukuqonda lapho wehlulela;


Abantu akabaphenduli uma bekhala, ngenxa yokuzikhukhumeza kwezikhohlakali.


Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.


khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane,


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa.


“Ngalokho-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabenzeli izinxuso; ungabakhulekeli, ngokuba angiyukubalalela mhla bekhala kimi ngenhlekelele yabo.


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” Bathi kuye: “Singasiphuza.”


Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo na?”


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.


“Kwathi emva kwezinsukwana nje, indodana encane yaqoqa konke okungokwayo yahamba, yaya ezweni elikude, yafike yalisaphaza ifa layo, iphila ngendlela eyonakeleyo.


Kepha kuthe ukuba kufike le ndodana yakho ebhubhudle ifa lakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.’


Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Akuveli yini ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?


nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye.


Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka