Bayokuza bamemezele ngokulunga kwayo kubantu abasazozalwa, babatshele ukuthi lokho kwenziwa yiyo.
AmaHubo 98:2 - IsiZulu 2020 USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe, ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wazisile insindiso yakhe; ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe. Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyazisile insindiso yakhe; Wenza ukulunga kwakhe kwabonakala phambi kwamehlo ezizwe. |
Bayokuza bamemezele ngokulunga kwayo kubantu abasazozalwa, babatshele ukuthi lokho kwenziwa yiyo.
Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”
Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”
USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.
Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”
Izizwe ziyokubona ukulunga kwakho, namakhosi wonke inkazimulo yakho; uyobizwa ngegama elisha eliyonqunywa ngumlomo kaSimakade.
Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.
Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.
Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ngokukholwa kuya ekukholweni, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”
Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”
Pho sesiyakuthini na? Siyakuthi abezizwe abangakufunisisanga ukulunga bafumene ukulunga, ukulunga okutholakala ngokukholwa.
Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,
silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,
USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu: