Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 16:15 - IsiZulu 2020

15 Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 16:15
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


Landani ngenkazimulo yakhe kwabezizwe, nezimangaliso zakhe kubantu bonke.


Uwukhumbulile umusa wakhe nokwethembeka kwakhe kwabendlu yakwa-Israyeli. Yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


“Nina nonke mikhawulo yomhlaba, phendukelani kimi, nisindiswe, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye.


Yebo, uthi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami, ukuvusa izizwe zakwaJakobe, nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli; ngalokho ngiyakukwenza ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”


USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Ngakho-ke hambani, nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.


Kepha ivangeli limelwe ukushumayelwa kuqala ezizweni zonke.


Aningikhethanga nina, kodwa yiMina enginikhethile, ukuba nihambe, nithele izithelo; nezithelo zenu zihlale, ukuze kuthi noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, aninike yona.


UJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kini. Njengalokhu uBaba engithumile Mina, nami ngiyanithuma nina.”


kwaze kwaba wusuku akhushulwa ngalo, emva kokuba esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile.


Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Kepha ngithi: abezwanga yini na? Impela bezwa kahle: “Izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.”


Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa.


Weza washumayela ivangeli lokuthula kini enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze.


uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe, nigxilile, futhi ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Phawula.


elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke, lithela izithelo, landa, njengalokhu kwenzeka naphakathi kwenu, kusukela ngosuku enalizwa ngalo, nawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,


Thina sibonile, futhi siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ukuba ibe nguMsindisi wezwe.


Ngabona futhi enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli eliphakade, eyakulishumayela kulabo abahleli emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi nabantu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka