AmaHubo 90:8 - IsiZulu 2020 Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubekile amacala ethu phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Uzibekile iziphambeko zethu phambi kwakho, nezono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho. |
Siyacabanga sithi enhliziyweni yaso: “UNkulunkulu akanakile, akabhekile ngakimi, futhi ngeke angibone.”
Mabahlale bephambi kukaSimakade njalo, ukuze akuqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.
Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.
Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.
Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.
Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.
Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” kusho iNkosi uSimakade.
“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini okwenziwa ngamalunga endlu ka-Israyeli ebumnyameni, yilelo nalelo ekamelweni lalo elinezithombe ezibaziweyo na? Ngokuba athi: ‘USimakade akasiboni. USimakade ulilahlile leli lizwe.’ ”
uma azisiwe isono sakhe one ngaso, uyakuletha umnikelo wesiphongwane esingenasici.
uma azisiwe isono asenzileyo, uyoletha umnikelo wembuzi yensikazi engenasici, ngesono sakhe asenzileyo.
ngosuku lapho uNkulunkulu eyakwehlulela izimfihlo zabantu ngokwevangeli lami ngoKhristu uJesu.
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.
Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.
Ngabona abafileyo, abadala nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; kwase kuvulwa izincwadi; nenye incwadi yavulwa, okuyincwadi yokuphila. Abafileyo bahlulelwa ngalokho okwakulotshwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.