Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 2:22 - IsiZulu 2020

22 Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” kusho iNkosi uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba noma ugeza ngesoda,* uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba noma ugeza ngodaka, uzithathele insipho eningi, nokho ububi bakho buphambi kwami, isho iNkosi uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 2:22
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathi ku-Uriya: “Hlala lapha namuhla nangomuso, ngizokuphindisela emuva.” U-Uriya wahlala eJerusalema ngalolo lusuku nangomuso.


Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, bese usibekela ukona kwami.


Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.


Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


“Isono sakwaJuda silotshwe ngosiba lwensimbi lokuloba; siqoshwe ngesihloko sedayimane ezibhebheni zenhliziyo yabo, nasezimpondweni zama-althare enu.


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Maye, kumuzi ochitha igazi, ibhodwe elinokugqwala, nokugqwala kwalo okungasukanga kulo! Khipha kulo isitho nesitho, nakuba ungadliwanga wunkatho.


Ububi buka-Efrayimi bulondoloziwe, isono sakhe siqoshiwe.


USimakade uzifunge Yena ngenxa yokuziqhenya kukaJakobe, wathi: “Impela angiyukuzikhohlwa nanini izenzo zabo.


Lokho akugciniwe yini kimi, kwavalelwa ezinqolobaneni zami, na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka