Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 90:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uzibekile iziphambeko zethu phambi kwakho, nezono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ubekile amacala ethu phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Amacala ethu uwabeke phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo zisekukhanyeni kobuso bakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 90:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho ngona, uyangibheka, awuyikungikhulula ebubini bami.


Ngokuba amehlo akhe aphezu kwezindlela zomuntu, futhi ubona zonke izindlela zakhe.


Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona.


Mababe phambi kukaJehova njalo, ukuze asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Ubani ongaqonda amaphutha akhe? Ngihlanze emaphutheni afihliweyo.


Lezizinto wazenza, ngathula; ubucabanga ukuthi nginjengawe, kepha ngiyakukusola, ngikuyale phambi kwamehlo akho.


Ushiswe ngomlilo, unqunywe; bayabhubha ngenxa yokujeziswa kobuso Bakho.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova, uyaziqaphela zonke izindlela zakhe.


Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi.


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.


Ngokuba noma ugeza ngodaka, uzithathele insipho eningi, nokho ububi bakho buphambi kwami, isho iNkosi uJehova.


Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, ukubonile yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo emakamelweni akhe ezithombe na? ngoba bathi: UJehova akasiboni; uJehova uwushiyile umhlaba.


Uma isono sakhe one ngaso sasaziwa; kumelwe anikele ngomhlatshelo wakhe, izinyane lembuzi, iduna elingenasici;


Uma isono sakhe one ngaso saziwa, uyakunikela ngomhlatshelo wakhe, izinyane lemvukazi elingenasici ngenxa yesono sakhe osenzileyo.


Ngosuku uNkulunkulu azakwahlulela ngalo izimfihlo zabantu ngoJesu Khristu ngokwevangeli lami.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi wazi zonke.


Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka