“Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na? Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade; zonke izinto wazihlela, wazivikela. Yonke insindiso yami nokwenama kwami, uyakukuhlumisa.
AmaHubo 89:3 - IsiZulu 2020 Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngafunga kuDavide, inceku yami, ngathi: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi: Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenza isivumelwano nabakhethiweyo bami, ngafunga encekwini yami uDavide, |
“Indlu yami ayinjalo yini kuNkulunkulu na? Ngokuba wenze nami isivumelwano saphakade; zonke izinto wazihlela, wazivikela. Yonke insindiso yami nokwenama kwami, uyakukuhlumisa.
UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,
‘Kusukela ngosuku engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibhithe, angikhethanga muzi ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide ukuba abuse abantu bami u-Israyeli.’
USimakade wafunga kuDavide, iqiniso angayukuguquka kulo, wathi: “Ovela okhalo lwakho ngiyombeka esihlalweni sakho sobukhosi.
Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.
Umusa wami ngiyomgcinela wona kuze kube phakade; isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye.
“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.
Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
kodwa bayakukhonza uSimakade uNkulunkulu wabo, noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.
Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.
Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”
Ngakho-ke lokhu engumphrofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi olibeni lokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi.
kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owakhuluma kuye, ethi: “INkosi yafunga, ayiyukuzisola, yathi: ‘Wena ungumphristi kuze kube phakade.’ ”
Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.