Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 89:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngenza isivumelwano nabakhethiweyo bami, ngafunga encekwini yami uDavide,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngafunga kuDavide, inceku yami, ngathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 89:3
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lanxa indlu yami kayinjalo kuNkulunkulu; nokho wenza nami isivumelwano esiphakade, esiqondileyo nesiqinisekileyo kukho konke; ngokuba lokhu kuyinsindiso yami yonke kanye nesifiso sami sonke, noma engakhulisi.


UNkulunkulu wenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, ngaphandle kokuthi uJehova afunga kuDavide ngesifungo, ngiyakwenza kanjalo kuye;


Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u-Israyeli eGibithe, angikhethanga muzi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ngakhe indlu ukuba igama lami libe khona kuyo; kepha ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.


UJehova wafunga kuDavide ngeqiniso; akayikuphenduka kukho; Esithelweni somzimba wakho ngiyakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi.


Yakhetha futhi inceku yayo uDavide, yamthatha ezibayeni zezimvu.


Khona-ke wakhuluma koNgcwele wakho embonweni wathi: “Nginikeze usizo olunamandla; ngiphakamisile okhethiweyo phakathi kwabantu.


Ngizamgcinela umusa wami kuze kube nininini, lesivumelwano sami sizahlala kuye.


Uchithile isivumelwano senceku yakho; Ungcolise umqhele wakhe ngokuwuphonsa phansi.


Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.


Khothamani nize kimi; lalelani, umphefumulo wenu uphile; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izihe eziqinile zikaDavide.


Kodwa bayokhonza uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, engiyobavusela yona.


Emva kwalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakubuya bamfune uJehova uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo; bayakumesaba uJehova nomusa wakhe ekupheleni kwezinsuku.


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.


Ngakho-ke engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wafunga kuye ngesifungo ukuthi esithelweni sokhalo lwakhe ngokwenyama uzavusa uKristu ukuthi ahlale esihlalweni sakhe sobukhosi;


(Ngokuba labo abapristi benziwa ngaphandle kwesifungo, kodwa lokhu ngesifungo ngaye owathi kuye: INkosi yafunga, kayiyikuzisola: Wena ungumpristi kuze kube nininini ngokwendlela kaMelkisedeki;)


Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka